Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Marek M. Berezowski/Anadolu Agency via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Sekuqala Unyaka Wesibili Kulokhu Kuqhubeka Impi E-Ukraine—Linikeza Liphi Ithemba IBhayibheli?

Sekuqala Unyaka Wesibili Kulokhu Kuqhubeka Impi E-Ukraine—Linikeza Liphi Ithemba IBhayibheli?

 NgoLwesihlanu, Febhuwari 24, 2023, kuhlangana unyaka selokhu kwaqala impi ebangele usizi olukhulu e-Ukraine. Eminye imibiko ithi cishe kunamasosha angaba ngu-300 000 ase-Ukraine nawaseRussia afile noma alimele futhi kucatshangwa ukuthi sekufe abantu abangaba ngu-30 000 empini. Nokho, kungenzeka inani likhulu kunaleli elibikiwe.

 Ngokudabukisayo, akubukeki sengathi le mpi izophela maduzane.

  •   “Sekuzohlangana unyaka kusukela amasosha aseRussia atheleka e-Ukraine, kodwa akukho okubonisa ukuthi kuzoba khona isixazululo kule ngxabano. Akubukeki kukhona ozonqoba kulezi zinhlangothi ezimbili futhi akubukeki kukhona isivumelwano okuzofinyelelwa kuso.”—I-NPR (National Public Radio), Febhuwari 19, 2023.

 Abantu abaningi bakhathazeke ngempela, futhi kube kufanele, ngenxa yokubona ubuhlungu nenhlupheko ebangelwa yile mpi nezinye izingxabano ezicindezela abantu abangenacala emhlabeni. Linikeza liphi ithemba iBhayibheli? Ziyoke ziphele yini izimpi?

Impi ezoqeda zonke izimpi

 IBhayibheli likhuluma ngempi ezosindisa abantu, hhayi ezobaqothula. Leyo mpi yaziwa ngokuthi i-Armagedoni, futhi ichazwa ngokuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Esebenzisa leyo mpi, uNkulunkulu uzoqeda ababusi abangabantu ababangele ukuba kube nezimpi eziningi ezibulale abantu. Ukuze uthole ukuthi i-Armagedoni izokuletha kanjani ukuthula okuhlala njalo, funda izihloko ezilandelayo: