Dlulela kokuphakathi

Kungani Kunezinkolo ZobuKristu Eziningi Kangaka?

Kungani Kunezinkolo ZobuKristu Eziningi Kangaka?

Impendulo YeBhayibheli

Abantu baye basebenzisa izimfundiso zikaJesu Kristu ukuze bakhe izinkolo “zobuKristu” ezihlukahlukene. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi iyodwa kuphela inkolo yobuKristu yeqiniso. Cabanga ngezizathu ezintathu ezenza sifinyelele kulesi siphetho.

  1. UJesu wachaza ukuthi wafundisa “iqiniso” futhi amaKristu okuqala ayebiza inkolo yawo ngokuthi ‘eyeqiniso.’ (Johane 8:​32; 2 Petru 2:2; 2 Johane 4; 3 Johane 3) La mazwi abonisa ukuthi labo abasekela izimfundiso ezingqubuzana nezimfundiso zikaJesu abekho ebuKristwini beqiniso.

  2. IBhayibheli lifundisa ukuthi amaKristu kufanele ‘akhulume ngokuvumelana.’ (1 Korinte 1:​10) Nokho, izinkolo zobuKristu eziningi azivumelani ngezimfundiso eziyisisekelo, njengemfundiso ethi kusho ukuthini ukuba umKristu. Akunakwenzeka ukuthi zonke lezi zinkolo zifundisa iqiniso.​1 Petru 2:​21.

  3. UJesu waprofetha ukuthi abaningi babeyozibiza ngamaKristu kodwa bahluleke ukugcina imiyalo yakhe futhi abanjalo uyobaphika. (Mathewu 7:​21-​23; Luka 6:​46) Abanye babeyodukiswa abaholi bezinkolo abafundisa okuphambene nokukhulekela kweqiniso ukuze bazizuzise bona. (Mathewu 7:​15) Nokho, abanye abantu empeleni bathanda ukuba senkolweni yobuKristu engeyona eyeqiniso ngoba ibatshela lokho abathanda ukukuzwa kunokuba ibafundise iqiniso elivela eBhayibhelini.​—2 Thimothewu 4:​3, 4.

Emfanekisweni wakhe kakolweni nokhula, uJesu wabikezela ngokuhlubuka okukhulu ebuKristwini beqiniso. (Mathewu 13:24-​30, 36-​43) Kwakuyophela isikhathi eside ungabonakali umehluko phakathi kobuKristu beqiniso nobamanga. Njengoba nje uJesu abikezela, izihlubuki zaba ziningi ngemva kokufa kwabaphostoli. (IzEnzo 20:29, 30) Nakuba izimfundiso zezihlubuki zingase zingafani, zonke izimfundiso zobuKristu obungebona obeqiniso ‘ziphambukile eqinisweni.’​—2 Thimothewu 2:​18.

UJesu wabikezela nokuthi umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga wawuyoba sobala ngokuhamba kwesikhathi. Siyakubona lokhu esikhathini sethu, phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’​—Mathewu 13:30, 39.