Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 28

Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngalokho UJehova NoJesu Abakwenzele Kona

Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngalokho UJehova NoJesu Abakwenzele Kona

Uzizwa kanjani lapho umngane wakho ekupha isipho esihle? Cishe uyajabula, bese ufuna ukumbonisa ukuthi uyabonga ngaleso sipho. UJehova noJesu basiphe isipho esiyigugu kunazo zonke esiyoke sizithole. Siyini leso sipho futhi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngaso?

1. Iyiphi enye indlela ongabonisa ngayo ukuthi uyabonga ngalokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona?

IBhayibheli lithembisa ukuthi “wonke umuntu obonisa ukholo [kuJesu]” angaphila phakade. (Johane 3:​16) Kusho ukuthini ukubonisa ukholo? Kusho okungaphezu nje kokukholelwa kuJesu. Kudingeka nokuba sibonise ukuthi sinokholo ngezinqumo esizenzayo nangezinto esizenzayo. (Jakobe 2:​17) Lapho sibonisa ukholo lwethu ngezinto esizenzayo nesizishoyo siqinisa ubungane bethu noJesu noYise uJehova.​—Funda uJohane 14:21.

2. Yisiphi isenzakalo esibalulekile esisisiza sibonise ukuthi siyabonga ngalokho uJehova noJesu abakwenza?

Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abalandeli bakhe enye indlela ababengabonisa ngayo ukuthi bayabonga ngokuzinikela kwakhe. Wathi kumelwe bahlangane esenzakalweni esibalulekile iBhayibheli elisibiza ngokuthi “iSidlo SeNkosi Sakusihlwa,” esaziwa nangokuthi iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. (1 Korinte 11:​20) UJesu wayefuna abaphostoli bakhe​—nawo wonke amaKristu ayezolandela ngemva kwabo​—bakhumbule ukuthi wadela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Ngakho wabayala: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:​19) Lapho uba khona eSikhumbuzweni, ubonisa ukuthi uyabonga ngokuthi uJehova noJesu basithanda kakhulu.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda izindlela ezengeziwe ongabonisa ngazo ukuthi uyabonga ngothando olukhulu lukaJehova noJesu. Funda nokuthi kungani iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sibalulekile.

3. Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga?

Ake sithi uyagwiliza bese othile esindisa ukuphila kwakho. Ingabe ungavele ukhohlwe nje yilokho akwenzele kona noma ubungazama izindlela zokubonisa ukuthi uyabonga?

UJehova simkweleta ukuphila kwethu. Fundani eyoku-1 Johane 4:​8-10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani umhlatshelo kaJesu uyisipho esiyigugu?

  • Uzizwa kanjani ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona?

Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona? Fundani eyesi-2 Korinte 5:​15 neyoku-1 Johane 4:​11; 5:3. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Ngokwalo mBhalo, yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga?

4. Lingisa uJesu

Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga, ukuba silingise uJesu. Fundani eyoku-1 Petru 2:​21, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungazilandela kanjani izinyathelo zikaJesu eduze?

5. Yiba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu

Ukuze ubone ukuthi yini eyenzeka eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa sokuqala, fundani uLuka 22:​14, 19, 20. Yibani senixoxa ngale mibuzo:

  • Yini eyenzeka kuleso Sidlo SeNkosi Sakusihlwa?

  • Isinkwa newayini kufanekiselani?​—Bheka amavesi 19 no-20.

UJesu wayefuna abafundi bakhe bagcine iSidlo SeNkosi Sakusihlwa kanye ngonyaka ngosuku afa ngalo. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova bahlangana njalo kanye ngonyaka ukuze bakhumbule ukufa kukaKristu, bakwenze ngendlela ayala ngayo. Ukuze ufunde ngalo mhlangano obalulekile, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

  • Kwenzekani eSikhumbuzweni?

Isinkwa newayini kufanekisela okuthile. Isinkwa sifanekisela umzimba kaJesu ongenasono awunikela ngenxa yethu. Iwayini lifanekisela igazi lakhe

ABANYE ABANTU BATHI: “Ukuze usindiswe kufanele nje ukholwe iNkosi uJesu.”

UKUBUYEKEZA

Sitshengisa ukuthi siyabonga ngalokho uJesu asenzela kona ngokubonisa ukholo kuye nangokuba khona eSikhumbuzweni sokufa kwakhe.

Ufundeni?

  • Kusho ukuthini ukubonisa ukholo kuJesu?

  • Yini ongathanda ukuyenza ukuze ubonise ukuthi uyabonga ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona?

  • Kungani kubaluleke kangaka ukuba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Ukufa kukaKristu kusishukumisela ukuba senzeni?

Wasebenzisa Umzimba Wakhe Ukuze Adumise UJehova (9:28)

Funda okwengeziwe ngokholo, nokuthi singalubonisa kanjani.

“Bonisa Ukholo Lwakho Ezithembisweni ZikaJehova” (INqabayokulinda, Okthoba 2016)

Endabeni ethi “Angisahlushwa Unembeza Futhi Ngizizwa Ngijabule Ngokugcwele,” funda ukuthi ukufunda ngomhlatshelo kaKristu kwaba namuphi umphumela ekuphileni komunye umuntu wesifazane.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Agasti 1, 2011)