Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 13

Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu

Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu

Uma uNkulunkulu eluthando, kungani izinkolo ezithi zimelela uNkulunkulu zenze izinto eziningi kangaka ezimbi? Kungenxa yokuthi lezi zinkolo ezamanga, azimmeleli kahle uNkulunkulu. Yini eziyenzile ukuze zimmelele kabi? Yena uzizwa kanjani ngalokho? Yini azoyenza ngakho?

1. Izinkolo zamanga zimmelela kabi kanjani uNkulunkulu ngezimfundiso zazo?

Izinkolo zamanga ‘zikhethe ukukholelwa emangeni kunaseqinisweni likaNkulunkulu.’ (Roma 1:​25) Ngokwesibonelo, izinkolo eziningi azibafundisi abalandeli bazo igama likaNkulunkulu. Kodwa iBhayibheli lona lithi igama likaNkulunkulu kumelwe lisetshenziswe. (Roma 10:​13, 14) Lapho kwenzeka izinto ezimbi abanye abaholi benkolo bathi yintando kaNkulunkulu. Kodwa amanga lawo. UNkulunkulu akalokothi abangele izinto ezimbi. (Funda uJakobe 1:​13.) Kuyadabukisa ukuthi amanga afundiswa izinkolo enza abantu baqhele kuNkulunkulu.

2. Izinkolo zamanga zimmelela kabi kanjani uNkulunkulu ngezenzo zazo?

Izinkolo zamanga azibaphathi abantu ngendlela uJehova abaphatha ngayo. IBhayibheli lithi: “Izono [zezinkolo zamanga] ziye zanqwabelana zaze zafika ezulwini.” (IsAmbulo 18:5) Sekuphele amakhulu eminyaka izinkolo zizifaka kwezepolitiki, zisekela izimpi futhi zinesandla ekufeni kwabantu abaningi. Abanye abaholi benkolo baphila ukuphila okuntofontofo, bese beyifuna ngenkani imali kubalandeli babo. Abakwenzayo kubonisa ukuthi abamazi uNkulunkulu, ngakho abanalo ilungelo lokuthi bamelela yena.​—Funda eyoku-1 Johane 4:8.

3. UNkulunkulu uzizwa kanjani ngezinkolo zamanga?

Uma izinto ezenziwa izinkolo zamanga zikucasula, ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani yena? Uyabathanda abantu, kodwa ubathukuthelele abaholi benkolo abammelela kabi nabaphatha kabi abalandeli babo. Uthembisa ukuthi izinkolo zamanga uzozibhubhisa ‘zingaphinde zitholakale.’ (IsAmbulo 18:​21) Maduzane uNkulunkulu uzoziqeda zonke izinkolo zamanga.​—IsAmbulo 18:8.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngezinkolo zamanga. Funda okwengeziwe ngalokho ezikwenzile, ufunde nokuthi kungani kungafanele lokho kukuyekise ukwazi uJehova.

4. UNkulunkulu akamukeli zonke izinkolo

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi izinkolo zifana nemigwaqo ehlukahlukene, yonke eholela kuNkulunkulu. Kuyiqiniso yini lokho? Fundani uMathewu 7:​13, 14, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • IBhayibheli liyichaza kanjani indlela eholela ekuphileni?

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • IBhayibheli liyasho yini ukuthi ziningi izinkolo ezijabulisa uNkulunkulu?

5. Izinkolo zamanga azilubonisi uthando lukaNkulunkulu

Izinkolo zamanga zimmelele kabi uNkulunkulu ngezindlela eziningi. Enye yezindlela ezimbi kakhulu ezikwenze ngayo lokhu ukusekela izimpi. Ukuze ubone isibonelo salokho, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho xoxani ngemibuzo elandelayo.

  • Yini amasonto ayenza phakathi neMpi Yezwe Yesibili?

  • Ucabangani ngalokho akwenza?

Fundani uJohane 13:​34, 35 no-17:​16. Yibani senixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho izinkolo zisekela izimpi?

  • Izinkolo zamanga ziye zenza izinto eziningi ezimbi. Yiziphi izinto ozibone zenziwa yinkolo ezingalubonisi uthando lukaNkulunkulu?

Izinkolo zamanga azilubonisi uthando lukaNkulunkulu

6. UNkulunkulu ufuna ukukhipha abantu ezinkolweni zamanga

Fundani isAmbulo 18:​4, a bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukubasiza labo abadukiswe izinkolo zamanga?

7. Qhubeka ufunda ngoNkulunkulu weqiniso

Ingabe izinkolo zamanga kufanele zithonye indlela ombheka ngayo uNkulunkulu? Cabanga ngomfana ongafuni ukulalela uyise, oshiya ikhaya bese enza izinto ezimbi kakhulu. Uyise akavumelani nezenzo zendodana yakhe. Kungani kungaba okungalungile ukubeka ubaba icala ngalokho okwenziwa yindodana yakhe eyihlongandlebe?

  • Kungakuhle yini ukubeka uJehova icala ngenxa yezinto ezenziwa izinkolo zamanga, bese siyayeka ukufunda ngaye?

ABANYE ABANTU BATHI: “Angifuni ukwazi ngoNkulunkulu ngoba izinkolo yizona eziyizimbangela zezinkinga eziningi.”

  • Ingabe nawe uzizwa kanjalo?

  • Kungani kungafanele sivumele izinto ezenziwa izinkolo zamanga zithonye indlela esibheka ngayo uJehova?

UKUBUYEKEZA

Izinkolo zamanga zimmelele kabi uNkulunkulu ngokufundisa abantu amanga nangokwenza izinto ezimbi. UNkulunkulu uzozibhubhisa zonke izinkolo zamanga.

Ufundeni?

  • Izinto ezifundiswa izinkolo zamanga, nalokho ezikwenzayo kukwenza uzizwe kanjani?

  • UJehova uzizwa kanjani ngezinkolo zamanga?

  • Yini uNkulunkulu azoyenza ezinkolweni zamanga?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ngezinto ezimbili ezenza izinkolo eziningi zingamjabulisi uNkulunkulu.

“Ingabe Zonke Izinkolo Ziyafana? Ingabe Zonke Ziholela KuNkulunkulu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Kungani uJehova efuna sihlangane nabanye ukuze simkhonze?

“Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Umpristi othile wayekhathazwa yizinto ezazenzeka enkolweni yakhe. Kodwa lokho akuzange kumyekise ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu.

“Okwenza Umpristi Washiya ISonto Lakhe” (Phaphama!, Febhuwari 2015)

Sekuphele amakhulu eminyaka izinkolo zifundisa amanga ngoNkulunkulu, okwenze abantu bakholelwa ukuthi akanandaba nathi futhi unenhliziyo embi. Zitholele iqiniso mayelana nezinto ezintathu ezingamanga ezishiwo inkolo.

“Yimaphi Amanga Aqhelisa Abantu KuNkulunkulu?” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2013)

a Ukuze uthole ukuthi kungani incwadi yesAmbulo ithi izinkolo zamanga zingowesifazane obizwa ngokuthi iBhabhiloni Elikhulu, bheka uMbhalo Osekugcineni 1.