Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 36

Thembeka Ezintweni Zonke

Thembeka Ezintweni Zonke

Wonke umuntu ufuna abangane abathembekile. UJehova ulindele ukuba abangane bakhe nabo bathembeke. Nokho, lokho akulula ezweni elinabantu abaningi abangathembekile. Kuzuzisa ngani ukwethembeka ezintweni zonke?

1. Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokwethembeka?

Uma sithembekile kwabanye, sisuke sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda futhi siyamhlonipha. Cabanga ngalokhu: UJehova ukwazi konke esikucabangayo nesikwenzayo. (Hebheru 4:​13) Uyabona lapho sikhetha ukwethembeka futhi lokho kuyamjabulisa. IZwi lakhe lithi: “UJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngane nabaqotho.”​—IzAga 3:32.

2. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi sithembekile ekuphileni kwansuku zonke?

UJehova ufuna ‘sikhulume iqiniso komunye nomunye.’ (Zakariya 8:​16, 17) Kusho ukuthini lokhu? Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma nabomndeni, esisebenza nabo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu noma izikhulu zikahulumeni, asiwaqambi amanga futhi asikhohlisi. Abantu abathembekile abantshontshi futhi abakhwabanisi. (Funda izAga 24:​28 neyabase-Efesu 4:​28.) Bakhokha yonke intela abayikweletayo. (Roma 13:​5-7) Kulezi zinto nakwezinye, ‘siziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’​—Hebheru 13:18.

3. Yiziphi izinzuzo zokwethembeka?

Uma saziwa ngokuthi sithembekile, abanye bayasethemba. Senza abanye bazizwe belondekile njengasemndenini onothando. Siba nonembeza ohlanzekile. Ukwethembeka kungaphinde ‘kuhlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu,’ futhi kungadonsa abanye abangamkhozi uNkulunkulu bangene ebandleni.​—Thithu 2:​10.

FUNDA OKWENGEZIWE

Thola ukuthi ukwethembeka kukuthinta kanjani wena noJehova futhi ufunde ukuthi ungathembeka kanjani ezimweni ezihlukahlukene ekuphileni.

4. Ukwethembeka kuyamjabulisa uJehova

Fundani iHubo 44:​21 noMalaki 3:​16, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukucabanga ukuthi singalifihla iqiniso?

  • Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho sikhetha ukukhuluma iqiniso, ngisho noma kungelula ukwenza kanjalo?

Lapho izingane zikhuluma iqiniso, zijabulisa abazali bazo. Lapho sikhuluma iqiniso, sijabulisa uJehova

5. Ziphathe ngokwethembeka njalo

Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukwethembeka akukona ukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi. Kodwa cabanga ngokuthi kungani kufanele sithembeke ngazo zonke izikhathi. Dlalani IVIDIYO.

Fundani eyamaHebheru 13:​18, bese nixoxa ngokuthi singathembeka kanjani . . .

  • emndenini.

  • emsebenzini noma esikoleni.

  • kwezinye izimo.

6. Ukwethembeka kuyasizuzisa

Ukwethembeka kungase kulethe izinkinga. Kodwa ekugcineni kuhlale kuyinto engcono kakhulu ongayenza. Fundani iHubo 34:​12-​16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukwethembeka kungakwenza kanjani ukuphila kwakho kube ngcono?

  1. Abayeni namakhosikazi athembekile baqinisa umshado wabo

  2. Izisebenzi ezithembekile zithenjwa abaqashi

  3. Izakhamuzi ezithembekile ziba nedumela elihle ezikhulwini zikahulumeni

ABANYE ABANTU BATHI: “Amanye amanga mancane, awasho lutho.”

  • Kungani ukukholelwa ukuthi uJehova uwazonda wonke amanga?

UKUBUYEKEZA

UJehova ufuna bonke abangane bakhe bathembeke kukho konke abakushoyo nabakwenzayo.

Ufundeni?

  • Yiziphi ezinye izindlela zokubonisa ukuthi uthembekile?

  • Kungani kungahlakaniphile ukucabanga ukuthi singafihla iqiniso?

  • Kungani ufuna ukwethembeka zikhathi zonke?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Abazali bangabafundisa kanjani abantwana babo ukuba bathembeke?

Khuluma Iqiniso (1:44)

Sizuza kanjani ngokugcina izithembiso zethu?

Gcina Izithembiso, Uthole Izibusiso (9:09)

Funda ukuthi kungani kufanele sikhokhe intela nakuba isetshenziswa kabi.

“Ingabe Kumelwe Ukhokhe Izintela?” (INqabayokulinda, Septhemba 1, 2011)

Yini eyenza indoda engathembekile ukuba ishintshe ukuphila kwayo isebenze ngokwethembeka?

“Ngafunda Ukuthi UJehova Unomusa Futhi Uyathethelela” (INqabayokulinda, Meyi 1, 2015)