Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 55

Sekela Ibandla Okulo

Sekela Ibandla Okulo

Emhlabeni wonke, abantu abayizigidi eziningi bakhonza uJehova ngenjabulo emabandleni amaningi. Bayajabula ngemfundo neziqondiso abazitholayo, futhi basekela amabandla ngenhliziyo yonke ngezindlela eziningi. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo ngebandla okulo?

1. Yiziphi izindlela ongasebenzisa ngazo isikhathi namandla akho ukuze usekele ibandla?

Sonke singasiza ebandleni. Ngokwesibonelo, bakhona yini abantu asebekhulile noma abagulayo ebandleni lenu? Ungakwazi yini ukubasiza bakwazi ukuya emihlanganweni? Noma, ungakwazi yini ukubasiza ngezinye izindlela, njengokubayela ezitolo noma ukubenzela imisebenzi yasendlini? (Funda uJakobe 1:​27.) Singasiza nasekuhlanzeni iHholo lethu LoMbuso nasekuligcineni lisesimweni esihle. Akekho osiphoqayo ukuba senze lezi zinto. Ukuthanda kwethu uNkulunkulu nabafowethu kusenza ‘sizinikele ngokuzithandela.’​—IHubo 110:3.

OFakazi ababhapathiziwe bangasekela ibandla nangezinye izindlela. Abazalwane abanezimfanelo ezibhalwe eBhayibhelini bangaba izinceku ezikhonzayo, ngokuhamba kwesikhathi babe abadala. Abazalwane nodade bangasekela umsebenzi wokushumayela ngokuba amaphayona. Abanye oFakazi bangasiza ekwakheni izindawo abakhonzela kuzo noma bathuthele endaweni enebandla elidinga usizo.

2. Singazisebenzisa kanjani izinto esinazo ukuze sisekele ibandla?

‘Singadumisa uJehova ngezinto [zethu] eziyigugu.’ (IzAga 3:9) Kuyasijabulisa ukunikela ngemali nangezinye izinto esinazo ukuze sisekele ibandla esikulo kanye nomsebenzi wokushumayela emhlabeni. (Funda eyesi-2 Korinte 9:7.) Iminikelo yethu isekela nalapho kwenzeke izinhlekelele. Abaningi bakhetha ‘ukubeka eceleni okuthile’ njalo ukuze kube umnikelo. (Funda eyoku-1 Korinte 16:2.) Singafaka iminikelo emabhokisini asezindaweni esikhonzela kuzo noma sinikele kuyi-Inthanethi kuyiwebusayithi ethi donate.dan124.com. UJehova usinika ithuba lokubonisa ukuthi siyamthanda ngendlela esikhetha ukusebenzisa ngayo izinto esinazo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Cabanga ngezinye zezindlela ongasekela ngazo ibandla.

3. Singasebenzisa izinto esinazo

UJehova noJesu bathanda umuntu opha ngenhliziyo evumayo. Ngokwesibonelo, uJesu waqaphela umfelokazi ohluphekayo owenza imizamo yokuba anikele. Fundani uLuka 21:​1-4, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe kudingeka sinikele ngemali enkulu ukuze sijabulise uJehova?

  • UJehova noJesu bazizwa kanjani ngeminikelo yethu esuka enhliziyweni?

Ukuze ubone ukuthi iminikelo isetshenziswa kanjani, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

  • Iminikelo isetshenziswa kanjani ngendlela ezuzisa amabandla emhlabeni?

4. Singacela ukusiza

Ezikhathini zeBhayibheli, abantu ababekhonza uJehova babesebenza ngokuzimisela ukuze bagcine izindawo abakhonza kuzo zisesimweni esihle. Kodwa lokho kwakuhilela okungaphezu kokunikela ngemali. Fundani eyesi-2 IziKronike 34:​9-​11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UmIsrayeli ngamunye wayesiza kanjani ekunakekeleni indlu kaJehova, noma indawo ababekhonza kuyo?

Ukuze ubone ukuthi oFakazi BakaJehova basilandela kanjani leso sibonelo sasendulo, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngemibuzo elandelayo.

  • Kungani kubalulekile ukugcina iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle?

  • Yiziphi ezinye zezindlela ongasiza ngazo?

5. Abazalwane bangazama ukufinyelela imisebenzi eyengeziwe ebandleni

IBhayibheli likhuthaza amadoda angamaKristu ukuba enze konke angakwenza ukuze asekele ibandla. Ukuze ubone isibonelo salokho, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, yini uRyan ayenza ukuze alisekele ngokugcwele ibandla?

IBhayibheli liyachaza ukuthi kulindeleke ukuba babe abantu abanjani abazalwane abayizinceku ezikhonzayo nabadala. Fundani eyoku-1 Thimothewu 3:​1-​13, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini elindelekile kubazalwane abafisa ukuba izinceku ezikhonzayo noma abadala?

  • Yini elindeleke emindenini yabo?​—Bheka amavesi 4 no-11.

  • Lapho abazalwane bezama ukwenza okulindeleke kubo, lizuza kanjani ibandla?

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “OFakazi BakaJehova bayithathaphi imali yalezi zinto zabo?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

UJehova ujabula kakhulu ngemizamo yethu yokusekela ibandla esikulo ngesikhathi sethu, amandla nangezinto esinazo.

Ufundeni?

  • Singasisebenzisa kanjani isikhathi namandla ethu ukuze sisekele ibandla?

  • Singazisebenzisa kanjani izinto esinazo ukuze sisekele ibandla?

  • Ungathanda ukulisekela kanjani ibandla?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani uNkulunkulu engasakulindele ukuba izikhonzi zakhe zinikele okweshumi.

“Lithini IBhayibheli Ngokunikela Okweshumi?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi kusho ukuthini ‘ukuzama’ ukufinyelela amalungelo enkonzo ebandleni.

“Ingabe ‘Uyazama Ukufinyelela’ Amalungelo Enkonzo?” (INqabayokulinda, Septhemba 15, 2014)

Bukela oFakazi abanesibindi abazidela kakhulu ukuze bahambisele abantu abakholwa nabo izincwadi.

Ukusakaza Izincwadi ZeBhayibheli ECongo (4:25)

Funda ukuthi umsebenzi wethu usekelwa kanjani ngezimali ngendlela ehluke kakhulu kweyezinye izinkolo.

“Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngezimali?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)